Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.
UGenesise 4:14 - IsiZulu 2020 Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.” Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, uyangixosha namuhla emhlabeni; ngiyakusitheka ebusweni baKho; futhi ngiyoba umbaleki nozulane emhlabeni; futhi noma ubani ongitholayo uzongibulala. |
Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.
Manje umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; uthi: ‘Letha lowo owabulala umfowabo ukuba simbulale naye ngenxa yomphefumulo womfowabo, siyakuyibhubhisa indlalifa.’ Bayakulicima kanjalo-ke ilahle lami eliseleyo, bangabe besayishiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”
Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze, bacele bekude nezindawo zabo eseziyincithakalo.
Makungabi bikho omenzela umusa, futhi kungabi bikho ohawukela izintandane zakhe.
Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.
Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.
Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.
Bayobheka nasemhlabeni; babone kuphela inhlupheko, ubumnyama, nokuphelelwa yithemba, bayakuxoshelwa esigayegayeni.
Okwenzeka eJerusalema nakwaJuda kwaba ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla phambi kwakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.
Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula.
Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.
“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.
noma ngobutha, amshaye ngesibhakela, aze afe; ungumbulali. Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala.
aficwe ngumphindiseli wegazi ngaphandle kwemingcele yomuzi wokuphephela, bese umphindiseli embulala umbulali, akayukuba nacala legazi,
“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.
“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”
“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.
Awuyukukuthola ukuphumula phakathi kwalezo zizwe, akuyukuba bikho ukuphumula ematheni onyawo lwakho, kodwa uSimakade uyokunika inhliziyo egubhazelayo, namehlo anqundekayo, nokudangala komphefumulo.
Laba-ke bazakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade, basuswe ebukhoneni beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,