Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 4:12 - IsiZulu 2020

Uma ulima, umhlabathi awuyikukunika sivuno; uzoba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho ulima umhlabathi, ngeke usakunika amandla awo; uyakuba ngumbaleki nesihambi emhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 4:12
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UKhayini wathi kuSimakade: “Ngeke ngisimele lesi sijeziso, siyangisinda.


Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.”


nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze, bacele bekude nezindawo zabo eseziyincithakalo.


Umuntu osindwa yigazi lomunye, uyakubaleka kuze kube segodini; makangasizwa muntu.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.


Amasimu onakele, umhlabathi womile, ngoba okusanhlamvu kushaziwe; iwayini elisha lihwamukile, namafutha amasha ashabalele.


Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.


“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.


Ngokuba indalo yabekwa phansi kobuze, kungengentando yayo, kodwa ngentando yowayibekayo, ngethemba lokuthi,


“Kuyothi uma ungalaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela, zikusibekele.