Ngaleso sikhathi kwasuka u-Abhimeleki noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe, wathi ku-Abhrahama: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.
UGenesise 39:21 - IsiZulu 2020 USimakade wayenaye uJosefa, wamenzela umusa, waba nogazi kumphathijele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamhawukela, wamnika umusa emehlweni omlindi wetilongo. |
Ngaleso sikhathi kwasuka u-Abhimeleki noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe, wathi ku-Abhrahama: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.
USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe.
Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo,
ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho.
Wazivalela endlini yenduna yabalindi benkosi, zafakwa ejele, lapho kwakuvalelwe khona uJosefa.
Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaSimakade lamhola.
ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe, afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.
USimakade wabenzela umusa abantu phambi kwabaseGibhithe. Ngaphezu kwalokho uMose uqobo wayeyindoda eqavileyo eGibhithe, naphambi kwezinceku zikaFaro, naphambi kwabantu.
USimakade wabenzela umusa emehlweni abaseGibhithe, babanika konke abakucelayo. Babaphundla kanjalo-ke abaseGibhithe.
“Ngiyakunenzela umusa emehlweni abaseGibhithe. Lapho senihamba, aniyukuphuma nilambatha,
Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.
Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.
UNkulunkulu wenza ukuba uDaniyeli athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.
UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe, yavala imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwatholakala ukuthi ngimsulwa phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angikwenzanga okubi.”
Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma lokho kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka ngokwenza okubi.