Wayethathekile nguDina, indodakazi kaJakobe, futhi emthanda, wakhuluma naye wathulula inhliziyo yakhe kuye.
UGenesise 34:8 - IsiZulu 2020 UHamori wathi kubo: “Indodana yami uShekhemu iyayithanda indodakazi yenu. Mganiseleni yona ibe ngumkakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHamori wakhuluma nabo, wathi: “Inhliziyo yendodana yami uShekemi iyabambelela endodakazini yenu; ake nimuphe yona, ibe ngumkakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 UHamori wakhuluma kubo, wathi: “Umphefumulo wendodana yami uShekemi ulangazelela indodakazi yenu; |
Wayethathekile nguDina, indodakazi kaJakobe, futhi emthanda, wakhuluma naye wathulula inhliziyo yakhe kuye.
Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.
Masiganiselane, nisinike amadodakazi enu abe ngabafazi bethu, nani nithathe amadodakazi ethu abe ngabafazi benu.
Babevela ezizweni ayeshilo ngazo uSimakade kubantu bakwa-Israyeli, wathi: “Ningahambi phakathi kwabo, nabo bangahambi phakathi kwenu, ngokuba bayakuziphambukisa impela izinhliziyo zenu, bese zilandela onkulunkulu babo.” Kepha uSolomoni wanamathela kubo, wabathanda.
Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.
Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaSimakade. Inhliziyo yami nomzimba wami kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.