Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 34:5 - IsiZulu 2020

UJakobe wezwa ngesigameko sokungcoliswa kwendodakazi yakhe uDina, kodwa akaze asho lutho kwaze kwafika amadodana akhe evela ekwaluseni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJakobe wezwa ukuthi ungcolisile indodakazi yakhe uDina; amadodana akhe ayesezinkomeni endle; uJakobe wathula, aze afika.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJakobe wezwa ukuthi ungcolisile indodakazi yakhe uDina; amadodana akhe ayesemadlelweni nezinkomo zakhe; uJakobe wathula zaze zafika.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 34:5
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalolo lusuku uLabani wakhetha zonke izimpongo ezihunqu, nezimabhadubhadu, nezimbuzikazi ezimabalabala, nezimabhadubhadu, zonke lezo ezazinamabala amhlophe, namawundlu amnyama, wakupha amadodana akhe.


UShekhemu wakhuluma noyise uHamori, wathi: “Ngithathele le ntombi ibe ngumkami.”


UHamori, uyise kaShekhemu wahamba waya kuJakobe eyokhonga.


Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”


U-Absalomu akazange akhulume lutho olubi noma oluhle ku-Amnoni, kodwa u-Absalomu wamzonda u-Amnoni, ngokuba wayemphoqile udadewabo, uThamari.


Ngithule, angiwuvuli umlomo wami, ngokuba nguwe okwenzile lokho.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


“Kepha indodana yakhe endala yayisensimini; kuthe lapho isondela ngasekhaya, yezwa kuhlatshelelwa, futhi kusinwa.


Kepha yaphendula, yathi kuyise: ‘Bheka nje, iminyaka engaka ngikusebenzela; angizange ngiweqe umyalo wakho, kepha mina awukaze ungihlabise ngisho nezinyane lembuzi leli, ukuba ngithokoze nabangani bami.


Kepha abantu abakhohlakele, bathi: “Uyakusisindisa kanjani lona na?” Bambukela phansi, abaze bamnika sipho, kodwa wazithulela nje.


USamuweli wathi kuJese: “Sebephelile yini abafana?” Wathi: “Kusasele omncane; waluse izimvu.” USamuweli wathi kuJese: “Thumela umlande, ngokuba asiyi ndawo engakafiki lapha.”


UDavide wasuka kuSawule, wabuyela ekwaluseni izimvu zikayise eBhethlehema.