Awuliboni yini leli lizwe eliphambi kwakho na? Masehlukane-ke. Uma uya enyakatho, mina ngizoya eningizimu. Uma uya eningizimu, mina ngizoya enyakatho.”
UGenesise 34:10 - IsiZulu 2020 Hlalani phakathi kwethu, nanti izwe phambi kwenu. Yakhani, nithengiselane, nibe nezindawo zenu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakuhlala kithi; izwe liyakuba sebusweni benu; yakhani, nithengiselane, nifuye kulo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakuhlala nathi, izwe libe phambi kwenu; hlalani nihwebe ngalo, nizuze impahla kulo. |
Awuliboni yini leli lizwe eliphambi kwakho na? Masehlukane-ke. Uma uya enyakatho, mina ngizoya eningizimu. Uma uya eningizimu, mina ngizoya enyakatho.”
U-Abhimeleki wayesethi: “Nanti izwe phambi kwakho, ungakha nomaphi lapho uthanda khona.”
UShekhemu wayesethi kuJakobe nakubafowabo bentombazane: “Uma ngifumene umusa kini, shonini enikufunayo, ngizoninika khona.
Masiganiselane, nisinike amadodakazi enu abe ngabafazi bethu, nani nithathe amadodakazi ethu abe ngabafazi benu.
Uma senimlethile umfowenu omncane kimi, ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli, nokuthi ningamadoda aqotho; ngakho-ke ngiyobe sengininika umfowenu nihambe naye kuleli lizwe.’ ”
Abakwa-Israyeli bahlala eGibhithe eGosheni, baba nempahla eningi, bazalana, banda kakhulu.