Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 34:1 - IsiZulu 2020

UDina, indodakazi kaLeya ayeyizalele uJakobe, wavakashela ezinye izintombi zendawo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UDina, indodakazi kaLeya amzalela yona uJakobe, waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UDina, indodakazi kaLeya, ayizalela uJakobe, waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 34:1
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Esawu wakhula waze wahlanganisa iminyaka engama-40. Wayeseganwa nguJudithi, indodakazi kaBheri, umHithi, noBhasematha indodakazi ka-Eloni, umHithi.


URibheka wayesethi ku-Isaka: “Ngikhathazekile ngempilo yami ngenxa yabesifazane bamaHithi. Uma uJakobe naye engase aganwe ngenye yezintombi zamaHithi akule ndawo, ngiyothi ngisaphilelani na?”


U-Esawu wabona ukuthi u-Isaka umbusisile uJakobe, wayesemthumela ePhadani Aramu ukuba ayothatha khona umfazi, nokuthi ngesikhathi embusisa wamyala wathi kuye: “Ungalokothi uganwe ngenye yezintombi zamaKhanani.”


ULeya wathi: “Ngibusisiwe! Ngokuba abesifazane bazothi ngingobusisiweyo.” Wayiqamba igama wathi ngu-Asheri.


Emveni kwalokho wamzalela indodakazi, wayiqamba igama wathi nguDina.


Wakha i-althare lapho, walibiza ngokuthi yi-Eli Elohe Israyeli.


Yilawo-ke amagama amadodana uLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu, noDina indodakazi yakhe. Esewonke amadodana namadodakazi kaJakobe ayengama-33.


Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.


Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele.


babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.