Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 33:1 - IsiZulu 2020

UJakobe waphakamisa amehlo, wambona u-Esawu eza namadoda angama-400. Wehlukanisa abantwana bakhe, abanye bahamba noLeya, abanye noRaheli, abanye bahamba nezancinza zombili.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJakobe waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nango u-Esawu eza enamadoda angamakhulu amane. Abantwana wabahlukanisela oLeya, noRaheli, nezincekukazi zombili.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJakobe waphakamisa amehlo akhe, wabona, nango u-Esawu eza enamadoda angamakhulu amane. Abantwana wabahlukanisela uLeya noRaheli nezincekukazi zombili.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 33:1
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wazinikela zonke lezo zilwane esandleni sezinceku zakhe ukuba ziziqhube, umhlambi ngamunye. Wathi ezincekwini zakhe: “Hambani phambi kwami, nishiye isikhala phakathi kwemihlambi.”


Kungenxa yalokho-ke abakwa-Israyeli bengawudli umsipha onamathele ethebeni lenyonga kuze kube namuhla, ngokuba uJakobe wathintwa lapho.


Wabeka izancinza nabantwana bazo phambili, kwalandela uLeya nabantwana bakhe, kwagcina uRaheli noJosefa.