Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 32:16 - IsiZulu 2020

Wazinikela zonke lezo zilwane esandleni sezinceku zakhe ukuba ziziqhube, umhlambi ngamunye. Wathi ezincekwini zakhe: “Hambani phambi kwami, nishiye isikhala phakathi kwemihlambi.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wazinikela esandleni sezinceku amaqambi ngamaqambi, wathi ezincekwini zakhe: “Dlulani ngaphambi kwami, nenze ibanga phakathi kweqambi neqambi.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wazinikela esandleni sezinceku zakhe, umhlambi ngokwehlukana kwawo; wathi ezincekwini zakhe: “Phumani phambi kwami, nibeke isikhala phakathi komhlambi wezinkomo nomhlambi.”

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 32:16
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

amakameli ezinsikazi angama-30, namankonyane awo, izinkomazi ezingama-40, nezinkunzi ezilishumi, izimbongolo zezinsikazi ezingama-20, nezingamaduna eziyishumi.


Wathi kumholi womhlambi wokuqala: “Lapho uhlangana nomnewethu u-Esawu, bese ekubuza ethi: ‘Ungokabani wena na? Ulibangisephi? Ungokabani lo mhlambi ophambi kwakho na?’


futhi niyakuthi: ‘Bheka, inceku yakho uJakobe iyeza emva kwethu,’ ” ngokuba wacabanga ukuthi: “Ngingahle ngimthobise ngalesi sipho engisiqhuba phambi kwami, kuyothi lapho ngibona ubuso bakhe, mhlawumbe angemukele.”


Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.


Amasu ayakukuvikela, ukuqonda kukugcine.


UNkulunkulu wakhe uyamkhaliphisa, amfundise indlela eyiyo.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Wathi ezincekwini zakhe: “Hambani phambi kwami; ngiyanilandela.” Kepha akayitshelanga lutho indoda yakhe, uNabali.