UGenesise 30:10 - IsiZulu 2020 UZilipha isisebenzi sikaLeya samzalela indodana uJakobe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela uJakobe indodana. Contemporary Zulu Bible 2024 UZilipa incekukazi kaLeya wazalela uJakobe indodana. |
ULeya esebona ukuthi usemile ukuzala, wathatha isisebenzi sakhe uZilipha wasinikela kuJakobe ukuba sibe yisancinza sakhe.
Amadodana kaZilipha incekukazi kaLeya kunguGadi no-Asheri. Yilawo-ke amadodana kaJakobe awazala esePhadani Aramu.
“Ngasemngceleni wakwaZebuloni, uGadi uyakuba nesabelo, kusukela ohlangothini olusempumalanga kuze kube kolusentshonalanga.
Abozalo lukaGadi, ngokolibo lwemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo,