U-Abhrahama waphendula wathi: “Njengalokhu sengize ngazidela ngakhuluma eNkosini yize ngiwuthuli nomlotha nje,
UGenesise 3:19 - IsiZulu 2020 Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini. |
U-Abhrahama waphendula wathi: “Njengalokhu sengize ngazidela ngakhuluma eNkosini yize ngiwuthuli nomlotha nje,
USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.
“Ngingowezizwe nomfokazi phakathi kwenu. Ngisikeleni indawo yokungcwaba ukuze ngifihle ithambo lomkami.”
wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”
Ake ukhumbule ukuthi nguwe owangibumba njengobumba, pho uyakungibuyisela othulini na?
Lapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbona uNkulunkulu ngingokhululekile emzimbeni.
Kakhulu kangakanani-ke labo abahlezi ezindlini zodaka, abasisekelo sabo sisothulini, abachotshozwa njengenundu na?
Kube sekuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasemshikashikeni wakhe, kuze kuhlwe.
Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.
Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.
Bonke abomhlaba abacebileyo bayokudla, badumise, nalabo asebewuthuli othulini, bayokhothama phambi kwakhe, ngisho nalowo ongenakuwugcina umphefumulo wakhe uphilile.
Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.
Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na?
uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.
Njengalokhu umuntu aphuma enqunu esizalweni sikanina, kanjalo nalapho esehamba, uyohamba enjalo, kukho konke akusebenzile akukho lutho ayohamba nalo esandleni.
Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.
Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.
Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo.
Bazalwane, niyakukhumbula ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singabi ngumthwalo nakoyedwa kini, lapho sinishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.
Ngokuba nangesikhathi sisenani, saniyala ngalokhu, sathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”
Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,