Yayisithandaza, ithi: “Simakade, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama. Ngicela ukuba ungiphe impumelelo namhlanje, uyenzele isihawu inkosi yami u-Abhrahama.
UGenesise 24:21 - IsiZulu 2020 Indoda yayimile, ithule, imgqolozele, ifuna ukuqiniseka ukuthi ngabe uSimakade ulwenze uhambo lwayo lwaba yimpumelelo yini na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Indoda yayibhekisisa ithule ukuba yazi, uma uJehova ebephumelelisile indlela yayo noma qha. Contemporary Zulu Bible 2024 Indoda eyayimmangazile yathula, ukuze yazi ukuthi iNkosi yayiphumelelisile indlela yakhe noma qha. |
Yayisithandaza, ithi: “Simakade, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama. Ngicela ukuba ungiphe impumelelo namhlanje, uyenzele isihawu inkosi yami u-Abhrahama.
Wathulula imbiza masinyane, wagijima ephindelela ethutha amanzi emthonjeni ewathela emkhombeni, aze adela wonke amakameli.
yathi: “Makabongwe uSimakade, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, ongayekanga ukukhombisa umusa nokwethembeka kwakhe enkosini yami. Nami uSimakade ungiholile endleleni ngaze ngafinyelela emzini wesihlobo senkosi yami.”
Yathi kubo: “Ningangibambezeli, njengoba uSimakade eluphumelelisile uhambo lwami, ngivumeleni ngihambe ngiphindele enkosini yami.”
Ngubani ohlakaniphileyo na? Makakuqaphelisise lokhu; bawuqonde umusa kaSimakade.
Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.