Yawaguqisa amakameli ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi, kwaze kwaba kusihlwa ngesikhathi okuphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.
UGenesise 24:13 - IsiZulu 2020 Ngimi lapha ngasemthonjeni, izintombi zendawo ziyeza zizokukha amanzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi, amadodakazi abantu bomuzi eza ukukha amanzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ngimi ngasemthonjeni; amadodakazi abantu bomuzi aphuma ukuyokha amanzi. |
Yawaguqisa amakameli ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi, kwaze kwaba kusihlwa ngesikhathi okuphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.
Sengathi intombi engiyokuthi kuyo: ‘Ngicela uke uyethule imbiza yakho, ungiphuzise,’ iphendule ithi: ‘Phuza, futhi ngizowaphuzisa namakameli akho,’ kungaba yileyo oyimisele inceku yakho u-Isaka. Ngalokho ngiyoqiniseka ukuthi uyenzele isihawu inkosi yami.”
Ngimi lapha ngasemthonjeni, sengathi intombi efika ukuzokha amanzi engiyakuthi kuyo: “Ake ungiphuzise ithamo lamanzi embizeni yakho,”
Kwakukhona umphristi kwaMidiyani owayenamadodakazi ayisikhombisa; eza ezokukha amanzi, ukuba agcwalise imikhombe ukuze imfuyo kayise iphuze.
Kwafika owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ake ungiphuzise.”
Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.
Besakhuphuka ummango bephikelele emzini bahlangana namantombazane eyokukha amanzi, bathi kuwo: “Ukhona yini umboni na?”