“Ngifike namuhla emthonjeni, ngase ngithi: ‘Nkosi, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, yenza manje ukuba uhambo lwami lube yimpumelelo.
UGenesise 24:11 - IsiZulu 2020 Yawaguqisa amakameli ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi, kwaze kwaba kusihlwa ngesikhathi okuphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Waguqisa amakamela akhe ngaphandle komuzi ngasemthonjeni kusihlwa, isikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokha amanzi. |
“Ngifike namuhla emthonjeni, ngase ngithi: ‘Nkosi, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, yenza manje ukuba uhambo lwami lube yimpumelelo.
Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu.
Lapho uFaro esezwile ngalokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka phambi kukaFaro, wayohlala kwaMidiyani, wahlala phansi eduze komthombo.
Kwakukhona umphristi kwaMidiyani owayenamadodakazi ayisikhombisa; eza ezokukha amanzi, ukuba agcwalise imikhombe ukuze imfuyo kayise iphuze.
Olungileyo uyayinakekela impilo yesilwane sakhe, kepha isihe sezikhohlakali siwulunya.
Kwafika owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ake ungiphuzise.”
Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.
Besakhuphuka ummango bephikelele emzini bahlangana namantombazane eyokukha amanzi, bathi kuwo: “Ukhona yini umboni na?”