Yingakho leso siphethu sisabizwa ngokuthi yiBheri Lahayi Royi. Siphakathi kweKadeshi neBheredi.
UGenesise 21:19 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu wawavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi. Waya kuwo wafike wakha amanzi, wagcwalisa imvaba, wamphuzisa umfana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi, waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana. Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi; waya wagcwalisa imbiza ngamanzi, wamphuzisa umfana. |
Yingakho leso siphethu sisabizwa ngokuthi yiBheri Lahayi Royi. Siphakathi kweKadeshi neBheredi.
Ingelosi kaSimakade yamthola uHagari ehlane eduze kwesiphethu esasibuqamama nomgwaqo oya eShuri.
USimakade wavula amehlo kaBhileyamu, wayibona ingelosi kaSimakade imi endleleni, ikhokhe inkemba esandleni sayo. Wakhothama wathi mbo ngobuso.