U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.
UGenesise 21:15 - IsiZulu 2020 Kwathi sekuphele amanzi emvabeni, owesifazane wambeka phansi kwesihlahla umfana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amanzi esephelile emvabeni, waphonsa umntwana phansi kwesihlahla. Contemporary Zulu Bible 2024 Aphela amanzi egabheni, waphonsa umntwana ngaphansi kwesinye sesihlahla. |
U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.
Wasuka wathi qekelele, wahlala phansi ibanga elingangokuciba umcibisholo, ngokuba wathi: “Mangingakuboni ukufa komfana.” Wahlala phansi phambi kwakhe wadazuluka, wakhala.
Kepha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, okukhona nje inkeshezana yempuphu esembizeni, nengcosana yamafutha ophisweni. Uyabona-ke, sengizitholele izinkuni ezimbili ukuze ngihambe ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sidle, sife.”
Inkosi yakwa-Israyeli, eyakwaJuda, neyakwa-Edomi, asuka ahamba ngendlela ethathelayo eyawathatha izinsuku eziyisikhombisa. Kwakungekho manzi amabutho nawemfuyo ababehamba nakho.
Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.
Umkhandinsimbi wenza ithuluzi, uyalisebenza emalahleni, alicangcathe ngezando, alisebenze ngamandla ezingalo zakhe. Uyalamba, angabi namandla, uma engawaphuzi amanzi, uyakhathala.
Izikhulu zakhona zithumele izinceku zazo ukuyokha amanzi emithonjeni, kodwa azitholanga manzi; zibuye nezimbiza zazo zingenalutho, zinamahloni, zijabhile, zimboze amakhanda azo.