Manje-ke lo mkamuntu mbuyisele endodeni yakhe, ngoba ingumphrofethi. Yona izokushwelezela uphile. Uma kodwa ungamphindiseli, yazi kahle ukuthi uzokufa nokufa, wena, nabo bonke abendlu yakho.”
UGenesise 20:8 - IsiZulu 2020 U-Abhimeleki wavuka kusempondozankomo wabiza zonke izikhulu zakhe, wazilandisa ngalolo daba, zangenwa ngamanzi emadolweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abimeleki wavuka ekuseni, wabiza izinceku zakhe zonke, wakhuluma onke lawa mazwi ezindlebeni zazo; amadoda esaba kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abimeleki wavuka ekuseni kakhulu, wabiza zonke izinceku zakhe, wakhuluma zonke lezi zinto ezindlebeni zazo; abantu besaba kakhulu. |
Manje-ke lo mkamuntu mbuyisele endodeni yakhe, ngoba ingumphrofethi. Yona izokushwelezela uphile. Uma kodwa ungamphindiseli, yazi kahle ukuthi uzokufa nokufa, wena, nabo bonke abendlu yakho.”
U-Abhimeleki wabiza u-Abhrahama wathi: “Ukwenzeleni lokhu kithi, mina nombuso wami sikone ngani uze usethwese icala elingaka na? Wenze kithi okungafanele ukwenze.”