Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.
UGenesise 2:25 - IsiZulu 2020 Indoda nomfazi babehamba ze, futhi bengenamahloni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Babehamba ze bobabili, u-Adamu* nomkakhe, bengenamahloni. Contemporary Zulu Bible 2024 Babenqunu bobabili, umuntu nomkakhe, bengenamahloni. |
Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.
Impela, akuyukujabha noyedwa kwabathembele kuwe; mabajabhe labo abaphambuka ngeze.
Simakade mangingajabhiswa, ngokuba ngikhala kuwe, izikhohlakali mazijabhiswe, ziyiswe kwelabafileyo sezithule.
UMose wabona ukuthi abantu sebeyimidlwembe, ngokuba u-Aroni wayebayekile baphuma esandleni, baze bahlekwa yizitha zabo.
Bonke abenza izithombe ezibunjiweyo bayize, nezinto abazithokozelayo azinanzuzo kubo, ofakazi babo ababoni, futhi kabazi, bayothelwa ngehlazo.
Ubunqunu bakho mabuvele obala libonakale ihlazo lakho, ngiyoziphindiselela, angiyukushiya noyedwa.
“Ungesabi, ngokuba awuyukujabha; ungapheli amandla, ngokuba awuyukuthelwa ngehlazo; uyakukhohlwa yihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.
Simakade, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakujabha; abasuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uSimakade, umthombo wamanzi aphilayo.
Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.
Uyakuzikhumbula izindlela zakho, ube namahloni, lapho wemukela odadewenu, omdala kunawe nomncane kunawe, ngikunike bona babe njengamadodakazi, kodwa hhayi ngenxa yesivumelwano sami nawe.
Impela niyakudla nisuthe, nilidumise igama likaSimakade uNkulunkulu wenu onenzele okumangalisayo; abantu bami abayukujabha ingunaphakade.
Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”
Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngalowo lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise neyezingelosi ezingcwele.