USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo.
UGenesise 2:22 - IsiZulu 2020 USimakade uNkulunkulu wambumba owesifazane ngobambo ayeluthathe kumuntu, wayesemletha kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngobambo uJehova uNkulunkulu aluthatha kumuntu, wenza owesifazana, wamletha kumuntu. |
USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo.
Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.
Indlu nengcebo kuyifa elivela kubazali, kodwa umfazi ohlakaniphileyo uvela kuSimakade.
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.