wababusisa, wathi: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba; niwubuse. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane ezinwabuzela emhlabeni.”
UGenesise 2:19 - IsiZulu 2020 USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo. Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi uNkulunkulu yasibumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu; futhi waziletha ku-Adamu ukuze abone ukuthi uzoziqamba ngokuthini; nokuthi konke u-Adamu aziqamba ngakho konke okuphilayo, kwaba ngamagama azo. |
wababusisa, wathi: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba; niwubuse. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane ezinwabuzela emhlabeni.”
Ungenise izinyoni ngezinhlobo zazo, nezilwane ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo, konke lokho kungene ngakubili ukuze kuphile.
Konke ngikwethula ezandleni zenu: izinyoni zezulu nezilwane zonke zomhlaba, nezilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinhlanzi zolwandle; kuyakwehlelwa wuvalo, kunesabe, kuthuthumele.