Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 2:18 - IsiZulu 2020

USimakade uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi omfaneleyo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

INkosi uNkulunkulu yathi: Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa; Ngizomenzela umsizi ozolingana naye.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 2:18
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.


Umuntu waziqamba ngamagama zonke izilwane ezifuyiweyo, izinyoni zezulu nezilwane zasendle. Kepha asikho phakathi kwalezo zilwane esatholakala sifanele ukuba ngumsizi wakhe.


Umuntu waphendula wathi: “Lo wesifazane owanginika yena, nguyena onginike isithelo somuthi, nami-ke ngasidla.”


Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isihawu kuSimakade.


Kepha uma umuntu ecabanga ukuthi wenza okungafanele entombini eyingoduso yakhe, uma isikhulile, makenze akubonayo, mabaganane uma kufanele ukuba kwenziwe kanjalo; akoni ngalokho.


Kanjalo nani madoda, hlalani nabafazi benu niqonda ukuthi owesifazane unjengesitsha esibuthakathaka; nibanike inhlonipho, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.


UNawomi, uninazala kaRuthi, wathi kuye: “Ndodakazi yami, ngingakufuneli yini umuzi ukuze konke kukuhambele kahle, na?