Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 2:14 - IsiZulu 2020

Umfula wesithathu kwakuyiThayigrisi. Ugobhoza wedlule empumalanga ye-Asiriya. Umfula wesine kwakuyiYufrathe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase-Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Igama lomfula wesithathu yiHidekeli; elihamba ngasempumalanga kwase-Asiriya. Umfula wesine ungu-Ewufrathe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 2:14
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wasuka kulelo lizwe walibangisa e-Asiriya lapho afike akha khona iNinive, iRehobhothi Iri, iKhala,


Amadodana kaShemu kwakungu-Elamu, u-Ashuri, u-Arifaksadi, uLudi no-Aramu.


Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe:


Igama lomfula wesibili kwakuyiGihoni. Ugobhoza uzungeze lonke iKhushi.


USimakade uNkulunkulu wabeka umuntu ensimini yase-Edeni ukuze ayilime, futhi ayilinde.


Izizukulwane zakhe zakha kusukela eHavila kuyoshaya eShuri, eduze nomngcele eGibhithe uma ulibhekise e-Ashuri. U-Ishmayeli wayengumdlwembe phakathi kwabafowabo, ehlala ebachukuluza.


abaseBhabhele, amaKhaledi wonke, iPhekodi, iShowa, iKhowa, bonke abase-Asiriya, izinsizwa ezingamageza, ababusi, nezikhulu zabo, nazo zonke izikhulu ezaziwa ngabagibeli bamahhashi,


Ngosuku lwama-24 lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli,


phendukani nihambe, niye kwelezintaba kwa-Amori nasezindaweni zonke ezakhelene nakhona e-Araba, kwelezintaba, ezansi, eningizimu, ogwini lolwandle, ezweni lamaKhanani, eLebhanoni, kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula iYufrathe.


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona, iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebhanoni nasemfuleni, umfula iYufrathe, kuze kube solwandle olungasentshonalanga, iyakuba yindawo yenu.


lithi kuyo ingelosi yesithupha ephethe icilongo: “Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu iYufrathe.”