Amadoda ayesendlini ambuza uLothi athi: “Uhlala nobani kuleli khaya na? Khipha amadodana akho, nabakhwenyana bakwakho, namadodakazi, nabo bonke ohlala nabo niphume kulo muzi.
UGenesise 19:11 - IsiZulu 2020 Abesilisa abasha nabadala ababengaphandle kwendlu kaLothi bashaywa ngobumpumputhe, bawufuna umnyango baze badikibala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadoda ayesemnyango wendlu ashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, akhathala ngokuthola umnyango. |
Amadoda ayesendlini ambuza uLothi athi: “Uhlala nobani kuleli khaya na? Khipha amadodana akho, nabakhwenyana bakwakho, namadodakazi, nabo bonke ohlala nabo niphume kulo muzi.
Behlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuSimakade, wathi: “Mawusishaye ngobumpumputhe lesi sizwe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengokwezwi lika-Elisha.
wakhathala ngenxa yobude bendlela, kodwa awuzange uthi: ‘Kuyize.’ Wathola amandla aneleyo, ngalokho awuphelanga amandla.
Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.
Isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga okwesikhashana.” Ngokushesha wehlelwa yinkungu nobumnyama, wahamba efuna ongahle amhole.