Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 18:16 - IsiZulu 2020

Lawo madoda asukuma ahamba alibhekisa eSodoma, u-Abhrahama wawaphelezela.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Amadoda asuka lapho, abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Amadoda asuka lapho abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ukuba awangenise endleleni.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 18:16
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USara washaywa wuvalo, wenza izaba wathi: “Angihlekanga.” Kepha iNkosi yathi: “Qha, uhlekile.”


Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.


Lawo madoda awufulathela umuzi ka-Abhrahama, alibangisa eSodoma, kodwa u-Abhrahama wasala emi phambi kukaSimakade.


Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini.


Ngakho-ke ibandla labathuma, badabula eFenike naseSamariya. Balandisa abazalwane ngokuphenduka kwabezizwe, baletha intokozo enkulu kubazalwane.


belusizi kakhulu ngezwi alisho kubo elithi abasayukubuye babubone ubuso bakhe. Bamphelezela, baya emkhunjini.


Kepha kuthe seziphelile lezo zinsuku, saphuma sahamba, siphelezelwa yibo bonke, nomkabo nabantwana, baze basibeka ngaphandle komuzi. Saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


ngiyokuza ngesikhathi ngiya eSpaniya. Ngokuba ngiyethemba ukuthi ekwedluleni kwami, ngizakunibona, bese nina ningiphelezela nxa senganelisekile ukuhlala nani.


Bona bafakazile ngothando lwakho, phambi kwebandla. Kuyakuba yinto enhle kakhulu ukuba nxa sebehamba, ubanike usizo ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu.