UGenesise 14:9 - IsiZulu 2020 abhekana noKhedoloma inkosi yakwa-Elamu, noThidali inkosi yezizwe, no-Amirafeli inkosi yaseShinari, no-Ariyokhi inkosi yase-Elasa, kungamakhosi amane ebhekene namakhosi amahlanu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Balwa noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe, no-Amrafeli inkosi yaseShineyari, no-Ariyoki inkosi yase-Elasare; amakhosi amane alwa nayisihlanu. Contemporary Zulu Bible 2024 kanye noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe, no-Amrafeli inkosi yaseShinari, no-Ariyoki inkosi yase-Elasari; amakhosi amane namahlanu. |
Ngalezo zinsuku kwasuka u-Amirafeli inkosi yaseShinari, no-Ariyokhi inkosi yase-Elasa, noKhedoloma inkosi yase-Elamu, noThidali inkosi yezizwe,
Isigodi iSidimu sasigcwele imigodi yebhithumeni, okwathi lapho amakhosi aseSodoma naseGomora ebaleka, amanye amadoda aphonseka kuyo, amanye athi galo yephuka ephikelele ezintabeni.
Amakhosi aseSodoma, eGomora, e-Adima, eZebhoyimu, naseBhela, elibuye laziwe ngokuthi yiZowari, ehlela esigodini iSidimu, aphaka impi yawo ngamahlandla,
Izwi elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana ne-Elami ekuqaleni kokubusa kukaZedekiya, inkosi yakwaJuda, lathi: