Yingakho leso siphethu sisabizwa ngokuthi yiBheri Lahayi Royi. Siphakathi kweKadeshi neBheredi.
UGenesise 14:7 - IsiZulu 2020 Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bebuyela emuva, beza e-Eni Mishipati eliyiKadeshi, bachitha izwe lonke lama-Amaleki nelama-Amori ayehlala eHasasoni Tamari. Contemporary Zulu Bible 2024 Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari. |
Yingakho leso siphethu sisabizwa ngokuthi yiBheri Lahayi Royi. Siphakathi kweKadeshi neBheredi.
U-Abhrahama wayesesuka lapho ayekade egobe khona amadlangala, waya esifundeni esiseningizimu, wahlala phakathi kweKadeshi neShuri. Wahlala ngasemzini waseGerari engumfokazi.
UThimna owayeyisancinza sika-Elifazi, wamzalela indodana okuthiwa ngu-Amaleki. Laba babeyisizukulwane sika-Ada, umka-Esawu.
uKhora, uGathamu, no-Amaleki. Yilezi-ke izikhulu ezavela ku-Elifazi kwa-Edomi zingamadodana ka-Ada.
Kweza abanye bamazisa ngalokho uJehoshafathi, bathi: “Kuza isixuku esikhulu esivela phesheya kolwandle, e-Aramu; manje sesingaseHazezoni Thamari eliyi-Eni Gedi.”
Abadobi bezinhlanzi bayakuma ogwini lolwandle, kusukela e-Eni Gedi kuya e-Eni Egilayimi; kuyakuba yindawo yokuphonsa amanetha, kudotshwe izinhlanzi ezinhlobonhlobo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu.
“Ngasemngceleni wakwaGadi, ohlangothini oluseningizimu ngaseningizimu, umngcele uyakusuka eThamari kuze kube semanzini eMeribhathi Kadeshi nasemfudlaneni, ngasoLwandle Olukhulu.
Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.
Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.”
Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.
Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi.
UBhileyamu wabona u-Amaleki, wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “U-Amaleki wayengowokuqala ezizweni, kodwa isiphetho sakhe ngukubhujiswa.”
“Sasuka eHorebhe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni ekwelezintaba lakwa-Amori, njengalokho uSimakade uNkulunkulu wethu ayesiyalile, saze safika eKadeshi Bharineya.
iNibhishani, uMuzi kaSawoti, ne-Eni Gedi; isiyonke imizi iyisithupha nemizana yayo.