Lawo makhosi ayekade ekhonze kuKhedoloma iminyaka eyi-12, kodwa kuthe ngonyaka we-13 amvukela,
UGenesise 14:5 - IsiZulu 2020 okuthe ngonyaka weshu-14, uKhedoloma namakhosi ayebambisene nawo bahlasela amaRefa e-Ashitherothi Karinayimu, amaZuzi eHamu, ama-Emi eShave Kiriyathayimi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa e-Ashiteroti Karinayimi, namaZuzi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngomnyaka weshumi nane uKedori-Lawomere namakhosi ayenaye beza, bawachitha amaRefa e-Ashiteroti-Karnayimi, namaShushi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi; |
Lawo makhosi ayekade ekhonze kuKhedoloma iminyaka eyi-12, kodwa kuthe ngonyaka we-13 amvukela,
Kwase kwehla abathathu kwabangama-30, abayizinhloko, bafika kuDavide esemgedeni e-Adulamu ngesikhathi sokuvuna. Impi yamaFilisti yayikanise esigodini samaRefa.
Kwathi ngesikhathi amabutho amaFilisti ekanise eSigodini samaRefa, kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingama-30, baya etsheni kuDavide, emgedeni wase-Adulamu.
Bathola idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala ngabakwaHamu.
Washaya amazibulo wonke aseGibhithe, okokuqala kwamandla abo, emathendeni kaHamu.
Kuyoba njengomuntu evuna amabele emazimbeni asamile, nengalo yakhe ivuna izikhwebu, nanjengokhothozayo esigodini samaRefa.
Mayelana noMowabi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye, kulo iNebho, ngokuba liyakubhujiswa, lithelwe ngehlazo, libanjwe iKiriyathayimi, ngokuba liyakuthelwa ngehlazo, izinqaba zalo zibe yimvithi!
Lokhu kwenzeka emveni kokuba enqobe uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi ngase-Edireyi.
Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.
Ingxenye esele yakwaGileyadi, nalo lonke iBhashani, umbuso ka-Ogi, lokho ngakunika ingxenye yesizwana sakwaManase, sonke isifunda i-Arigobhi neBhashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.
USimakade aze abanike abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba lowo nalowo abuyele efeni lakhe engimnike lona.’
nenkosi u-Ogi waseBhashani, owayengomunye wamaRefa okugcina owahlala e-Ashitharothi nase-Edreyi,
wonke umbuso ka-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitharothi nase-Edreyi; nguyena kuphela owayesasele kumaRefa; bonke laba uMose wabanqoba, wabaxosha.
nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.
nasemakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi.