Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.
UGenesise 14:16 - IsiZulu 2020 Wayithola yonke impahla kaLothi, wabuya naye uLothi, isihlobo sakhe, nabanye abantu nabesifazane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabuyisa yonke impahla, wambuyisa noLoti umzalwane wakhe, nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Wazibuyisa zonke izimpahla, wambuyisa noLoti umfowabo, nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu. |
Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.
Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.
UJosefa wakhuphuka wayofihla uyise, waphelezelwa yizinceku zikaFaro, nezikhulu zonke zendlu yakhe, nazo zonke izikhulu zaseGibhithe.
“Ngubani okuvusile ukulunga ukuba kuphume empumalanga, akubize ukuba kumlandele, anikele izizwe phambi kwakhe, anyathele amakhosi, awenze abe njengothuli ngenkemba yakhe, nanjengamabibi epheshulwa ngumnsalo wakhe na?
UDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngilixoshe yini lelo viyo na? Ngiyakulifica yini na?” Wamphendula wathi: “Lixoshe, uyakulifica impela, bese ubakhulula bonke.”