Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 14:11 - IsiZulu 2020

Amakhosi ayiphanga yonke impahla yaseSodoma, neyaseGomora nakho konke ukudla, ahamba nakho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bathatha yonke impahla yaseSodoma neyaseGomora kanye nakho konke ukudla, bamuka.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Base bethatha yonke impahla yaseSodoma neGomora kanye nakho konke ukudla kwabo bamuka.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 14:11
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathatha umkakhe uSarayi, noLothi indodana yomfowabo, nayo yonke impahla ababenayo, nezinceku ababezitholile eHarana, babhekisa amabombo eKhanani. Sebefikile eKhanani,


Isigodi iSidimu sasigcwele imigodi yebhithumeni, okwathi lapho amakhosi aseSodoma naseGomora ebaleka, amanye amadoda aphonseka kuyo, amanye athi galo yephuka ephikelele ezintabeni.


Amthumba noLothi, indodana yomfowabo ka-Abhrama, owayehlala eSodoma nempahla yakhe bemuka naye.


Wayithola yonke impahla kaLothi, wabuya naye uLothi, isihlobo sakhe, nabanye abantu nabesifazane.


Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abhrama: “Nginike abantu, wena uthathe impahla.”


Inkabi yakho iyakuhlatshwa uzibonela ngawakho amehlo, ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho, ingabuyiselwa kuwe; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, akuyukuba bikho oyakukusindisa.


USimakade uyokushaya ngamathumba amabi, ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela emadolweni akho nasemilenzeni, ematheni onyawo lwakho kuze kube sokhakhayini lwekhanda lakho.


Siyokudla isithelo semfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, asiyukushiya okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha amasha, amankonyane, amazinyane ezimvu zakho, size sikushaye sikubhuqe.