U-Abhrama nomkakhe nakho konke ayenakho basuka eGibhithe bakhuphuka babheka eningizimu noLothi.
UGenesise 12:9 - IsiZulu 2020 Wayesekhukhula njalo waze wayofika eningizimu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrama wasuka wahamba waya eningizimu. |
U-Abhrama nomkakhe nakho konke ayenakho basuka eGibhithe bakhuphuka babheka eningizimu noLothi.
Wasuka eningizimu wahamba ephumula waze wayofika eBhethele, endaweni ephakathi kweBhethele ne-Ayi, lapho wayekade egobe khona amadlangala phambilini,
U-Abhrahama wayesesuka lapho ayekade egobe khona amadlangala, waya esifundeni esiseningizimu, wahlala phakathi kweKadeshi neShuri. Wahlala ngasemzini waseGerari engumfokazi.
Kwathi lapho uNkulunkulu engikhipha kwabakithi ngathi kumkami: ‘Uyobe ukhombise ukuthembeka uma noma kuphi lapho sifika khona ubatshela ukuthi ngingumfowenu.’ ”
U-Isaka wabuya ngaseBheri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni eliseNingizimu.
Isiphrofetho maqondana nezilwane zaseNegevu. Badabula ezweni losizi nenhlupheko, elebhubesi nebhubesikazi, elebululu nenkanyamba; umcebo wabo bawethwesa izimbongolo, ingcebo yabo bayibeka emalundeni amakameli, bayiyisa kubantu abangenakubasiza ngalutho.
Lapho uMose ebathuma ukuyohlola iKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,
phendukani nihambe, niye kwelezintaba kwa-Amori nasezindaweni zonke ezakhelene nakhona e-Araba, kwelezintaba, ezansi, eningizimu, ogwini lolwandle, ezweni lamaKhanani, eLebhanoni, kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula iYufrathe.