UGenesise 11:9 - IsiZulu 2020 Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele; ngoba lapho uJehova wasanganisa ulimi lomhlaba wonke, futhi kusukela lapho uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke. |
U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani.
Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.
Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini.
Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,
Ngakho-ke uma ibandla lihlangene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangenalwazi noma abangakholwa, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na?