Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.
UGenesise 10:4 - IsiZulu 2020 Amadodana kaJavani kwakungu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi, noDodanimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noDodanimi. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana kaJavani; u-Elisha noTharishishi, amaKitimi namaDodani. |
Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.
Isiphrofetho ngeThire. Lilani Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba indlu yenu ishatshalalisiwe, nokungena kwayo ivela eKhithimi kwambuliwe.
Wathi: “Awusayukujabula wena ntombi ethelwe ngehlazo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKhithimi, nalapho awuyukukuthola ukuphumula.”
“ ‘ITharishishi lalihwebelana nawe ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; behwebelana nawe ngesiliva, ngensimbi, ngethini nangomthofu.
“ ‘Imikhumbi yaseTharishishi yayikuthwalela impahla yakho. Wathwaliswa imithwalo, wanyinyitheka kakhulu ekujuleni kolwandle.
Ngemi-okhi yaseBhashani benzile izigwedlo zakho; indawo yakho okuhanjwa kuyo bayenze ngomsayiphuresi ovela eziqhingini eKhithimi, bayihlobisa ngophondo lwendlovu.
Ilineni elicolekileyo nelifekethisiweyo elivela eGibhithe, lalinguseyili wakho nebhanela lakho; umpheme wakho wenziwe ngokuluhlaza nokubukhwebezane, uvela eziqhingini e-Elisha.
Imikhumbi yaseKhithimi iyakuyisukela, bese idabuka, ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.
Kuyakuvela imikhumbi eKhithimi eyakuhlupha u-Ashuri no-Ebhere, nabo bagcine ngokubhujiswa.”