uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.
UGenesise 10:25 - IsiZulu 2020 U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Ebere wazala amadodana amabili; igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane. Contemporary Zulu Bible 2024 UHebhere wazalelwa amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege; ngokuba emihleni yakhe umhlaba wahlukaniswa; igama lomfowabo lalinguJoketan. |
uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.
Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.
Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.
U-Ebhere wazala amadodana amabili: igama lenye kwakunguPhelege, ngokuba emihleni yayo izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo kwakunguJokothane.
Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,
OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.