uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.
UGenesise 10:22 - IsiZulu 2020 Amadodana kaShemu kwakungu-Elamu, u-Ashuri, u-Arifaksadi, uLudi no-Aramu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arapakishade, noLude, no-Aramu. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwaShemi: I-Elamu, ne-Ashuri, no-Arpakisadi, noLudi, no-Aramu. |
uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.
Nanku umlando wezizukulwane zikaShemu. Kwaphela iminyaka emibili unqamukile uzamcolo, uShemu eseneminyaka eyikhulu, wazala u-Arifaksadi.
Wabuye wathi futhi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu kaShemu, uKhanani makabe yisigqila sikaShemu.
Kwase kufika uPhuli, inkosi yase-Asiriya, ukuzohlasela izwe. UMenahemu wamnika uPhuli amathalenta ayinkulungwane esiliva, ukuze amsize ukuqinisa umbuso esandleni sakhe.
Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “AmaKhaledi enze amaviyo amathathu, ahlasela, athumba amakameli, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”
Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.
Ngiboniswe umbono oshaqisayo: umkhapheli ekhaphela, nombhubhisi ebhubhisa. Yenyuka Elamu, uvimbezele Mediya; ngizokuqeda konke ukukhala kwenu.
I-Elamu lithathe umgodla nezinqola zempi nabamahhashi; iKhiri laveza isihlangu salo.
“Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo, ngithumele abasindileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, ePhuli, naseLudi; abansala umnsalo eThubhali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingawuzwanga umbiko ngami, ezingayibonanga inkazimulo yami, ukuze balande ngenkazimulo yami ezizweni.
“Lapho kukhona i-Elamu naso sonke isixuku salo nxazonke zethuna, babulawe bonke, baqunjwa phansi ngenkemba, behlela phansi komhlaba bengasokile, labo abafake ingebhe ezweni labaphilayo; sebethwele ihlazo nalabo abehlela egodini.
Ngabona embonweni, lapho ngibheka ngangiseShushani esigodlweni senkosi esifundeni sase-Elamu; embonweni ngabona ngangingasemselenikazi i-Ulayi.
UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’
kodwa uKhayini uzochithwa; kuze kube yileso sikhathi u-Ashuri azonithumba ngaso.”
AmaPharthe, amaMede, ama-Elamithi, abantu abakhe eMesophothamiya, eJudiya, eKhaphadosiya, ePhontu, e-Asiya,