ama-Arivadi, amaZemari, namaHamathi. Emveni kwalokho imindeni yamaKhanani yasabalala kulo lonke izwe,
UGenesise 10:19 - IsiZulu 2020 imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha. Contemporary Zulu Bible 2024 Umkhawulo wamaKhanani wasuka eSidoni, wasinga eGerari, waya eGaza; ekuhambeni kwakho, eSodoma, naseGomora, nase-Adima, naseSeboyimi, naseLasha. |
ama-Arivadi, amaZemari, namaHamathi. Emveni kwalokho imindeni yamaKhanani yasabalala kulo lonke izwe,
ahlasela uBhera inkosi yaseSodoma, noBhisha inkosi yaseGomora, noShinaba inkosi yase-Adima, noShemebha inkosi yaseZebhoyimu, nenkosi yaseBhela okuyiZowari.
Wonke lawo makhosi ahlanganisela amabutho awo esigodini iSidimu, okuwuLwandle Lukasawoti.
USimakade wamtshela u-Abhrahama wathi: “Isikhalo ngeSodoma neGomora sesisikhulu kakhulu, nezono zabo zimbi kakhulu.
U-Abhrahama wayesesuka lapho ayekade egobe khona amadlangala, waya esifundeni esiseningizimu, wahlala phakathi kweKadeshi neShuri. Wahlala ngasemzini waseGerari engumfokazi.
Kwaba khona enye indlala ezweni ngaphandle kwaleyo eyayike yaba khona emihleni ka-Abhrahama. U-Isaka wathutha waya eGerari enkosini yamaFilisti u-Abhimeleki.
U-Asa nabantu ababenaye, bawaxosha amaKhushe aze afika eGerari, afa wonke amabutho, akwaze kwasala namunye ophilayo, ngokuba abhujiswa phambi kukaSimakade nempi yakhe. Babuyela emuva nempango eningi kakhulu.
Isandla sakhe uselulele phezu kolwandle, wazamazamisa imibuso, uSimakade uyaleze ngeKhanani ukuba kudilizwe izinqaba zalo.
Yiba nezinhloni wena Sidoni, ngokuba ulwandle lukhulumile, inqaba yolwandle, ithi: “Angisikwanga, angibelethanga, angikhulisanga nsizwa, angondlanga ntombi.”
nabo bonke abantu bezinye izizwe, wonke amakhosi ase-Uzi, wonke amakhosi asezweni lamaFilisti, e-Ashikeloni, eGaza, e-Ekhroni nensali ese-Ashidodi
Izwi likaSimakade elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana namaFilisti, ngaphambi kokuba uFaro alinqobe iGaza, lathi:
“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.
Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu, endleleni ephuma eJerusalema yehlele eGaza, le ndawo iyihlane.”
Kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kuze kufike eGaza, nawo eza, abhubhisa amaKhafithori ayevela eKhafithori, abe esakha endaweni yawo.
OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.
Babekanisa eduzane nakwa-Israyeli baqothule isivuno sezwe kuze kuyofika komakhelwane eGaza, bangabashiyeli kudla kwa-Israyeli, wena zimvu, zinkabi, nazimbongolo.
esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBhethi Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emngceleni obheke esigodini eZebhoyimi ngasehlane.