Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 10:18 - IsiZulu 2020

ama-Arivadi, amaZemari, namaHamathi. Emveni kwalokho imindeni yamaKhanani yasabalala kulo lonke izwe,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati; ngasemuva imindeni yamaKhanani yahlakazeka.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

nama-Arvadi namaZemari namaHamati, emva kwalokho kwakhula imindeni yamaKhanani.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 10:18
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.


UThoyi, inkosi yaseHamathi, wezwa ukuthi uDavide uyinqobile yonke impi kaHadadezeri,


Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBhabhele, eKhutha, e-Ava, eHamathi, naseSafarivayimi, yabahlalisa emizini eSamariya endaweni yabakwa-Israyeli, balidla iSamariya, bahlala emizini yakhona.


Abantu baseBhabhele benza uSukhothi Bhenothi, abaseKhutha benza uNerigali, abaseHamathi benza u-Ashima,


ama-Arivadi, amaSemari, namaHamathi.


U-Abhiya wema entabeni iZemarayimi ekwelezintaba kwa-Efrayimi, wathi: “Ake ungilalele Jerobhowamu no-Israyeli wonkana.


IKhalino alinjengeKharikhemishi na? IHamathi alinjenge-Ariphadi na? ISamariya alinjengeDamaseku na?


Abakhileyo eSidoni nase-Arivadi babe ngabagwedli bakho; izingcweti zakho, Thire, zazikuwe, zingabagwedli bakho.


limelene neHamathi elingumngcele kulo, neThire nesiSidoni, ngokuba kuhlakaniphe ngokwedlulele.


Ukusuka entabeni iHori anoziphawulela indlela eya eHamathi, umngcele uphume eZedadi,


iBhethi Araba, iZemarayimi, iBhethele,


Imizi ebiyelwe kwakuyiZidimi, iZeri, iHamathi, iRakhathi, iKhinerethi,