UGenesise 10:15 - IsiZulu 2020 UKhanani wazibula ngoSidoni, kwalandela uHethi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti, Contemporary Zulu Bible 2024 UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti, |
Ngizakukufungisa phambi kukaSimakade uNkulunkulu wezulu nomhlaba, ukuthi ngeke uyithathele indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani, esihlala phakathi kwawo.
“UZabuloni uyokwakha ngasogwini lolwandle, abe ngasechwebeni lemikhumbi, imingcele yakhe iyoze ishaye eSidoni.
UDavide wathumela, wabuza ngalo wesifazane, wathi: “Lo akusiye yini uBhathisheba, indodakazi ka-Eliyamu ongumka-Uriya, umHithi na?”
Bafika kwaGileyadi, naseThahethimi Hodeshi, bedlulela kwaDani Jahani. Basuka lapho baya naseSidoni,
Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.
Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla. Uyabona-ke, ngizowaxosha phambi kwakho ama-Amori, amaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi.
Yiba nezinhloni wena Sidoni, ngokuba ulwandle lukhulumile, inqaba yolwandle, ithi: “Angisikwanga, angibelethanga, angikhulisanga nsizwa, angondlanga ntombi.”
nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori.
Abakhileyo eSidoni nase-Arivadi babe ngabagwedli bakho; izingcweti zakho, Thire, zazikuwe, zingabagwedli bakho.
USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.
UDavide wakhuluma ku-Ahimelekhi, umHethi, naku-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, wathi: “Ngubani ozokwehla nami siye kuSawule enkanjini na?” U-Abhishayi wathi: “Ngizokwehla nawe.”