UGenesise 10:14 - IsiZulu 2020 amaPhathrusi, namaKhasuluhi okwadabuka kubo amaFilisti nabaseKhafithori. IBHAYIBHELI ELINGCWELE namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti namaKafitori. Contemporary Zulu Bible 2024 namaPatrusi namaKasluhi, lapho kwaphuma khona amaFilisti, namaKafitori. |
Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.
Izwi elafika kuJeremiya mayelana nabaJuda bonke ababehlala eGibhithe, eMigidoli, eThahiphanesi, eNofi, nasePhathirosi, lathi:
nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori.
“Anifani yini kimi bantu bakaKhushe, nina bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade. “Angimkhuphulanga yini u-Israyeli eGibhithe, namaFilisti eKhafithori, nama-Aramu eKhiri na?
Kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kuze kufike eGaza, nawo eza, abhubhisa amaKhafithori ayevela eKhafithori, abe esakha endaweni yawo.