Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 1:4 - IsiZulu 2020

UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, uNkulunkulu wayesehlukanisa ukukhanya nobumnyama.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, futhi uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 1:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wawubiza umhlabathi owomileyo ngokuthi ngumhlaba, amanzi aqoqeleke ndawonye wawabiza ngokuthi wulwandle. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.


Kwamila utshani emhlabeni: izitshalo ezithela imbewu, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.


zibuse imini nobusuku, zehlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.


UNkulunkulu wenza zonke izilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.


UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.


Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, abathembekileyo bakho bakubonge.


USimakade muhle kubo bonke, uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.


Ukukhanya kumnandi, kuthokozisa amehlo ukubuka ilanga.


Ngabona ukuthi ukuhlakanipha kungcono kunobuwula, njengoba nokukhanya kungcono kunobumnyama.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho.