Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”
UGenesise 1:2 - IsiZulu 2020 Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, ubumnyama busibekele utwa. UMoya kaNkulunkulu wawuvunguza phezu kwamanzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Umhlaba wawuyize, ungenalutho; Ubumnyama babuphezu kukazamcolo womhlaba futhi uMoya kaNkulunkulu wawundinda phezu kwamanzi. |
Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”
ngesikhathi ngibeka amafu eba yisembatho salo, nesigayegaye siba yimbeleko yalo,
Njengezinyoni ezindiza phezu kwamakhanda, kanjalo uSimakade Wamabandla uyolivikela iJerusalema, uyolivikela, alisindise, adlule phezu kwalo, alikhulule.”
Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye.
Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.
Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.
Njengokhozi lunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamaphuphu alo, welula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngamaphikho akhe.