Osomlingo abakwazanga ukuma phambi kukaFaro ngenxa yamathumba, ngoba nabo babehlaselwe ngamathumba nabo bonke abaseGibhithe.
UEksodusi 9:10 - IsiZulu 2020 Base bewuthatha umlotha eziko, bama phambi kukaFaro, uMose wawuphonsa phezulu emoyeni, wase udala amathumba kubantu nasezilwaneni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bethatha umlotha waseziko, bema phambi kukaFaro; uMose wawusakazela ngasezulwini, waphenduka amathumba aqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Base bethatha umlotha waseziko, bema phambi kukaFaro; uMose wayifafazela ezulwini; kwaba yithumba eliqubuka nezikhothwa kubantu nasezinkomeni. |
Osomlingo abakwazanga ukuma phambi kukaFaro ngenxa yamathumba, ngoba nabo babehlaselwe ngamathumba nabo bonke abaseGibhithe.
USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Thathani umlotha eziko ugcwale izandla bese uMose ewuphonsa phezulu emoyeni phambi kukaFaro.
Uzakuphenduka uthuli phezu kwezwe lonke iGibhithe, udale amathumba kubantu nasezilwaneni kulo lonke iGibhithe.”
USimakade uyokushaya ngamathumba aseGibhithe, ngamaqhubu, ngomuna, nangotwayi, okungelapheki.