“Ngakho-ke umkhulu, Nkosi Simakade, ngokuba akekho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho kukho konke esikuzwile ngezindlebe zethu.
UEksodusi 8:6 - IsiZulu 2020 U-Aroni welulela isandla sakhe phezu kwamanzi eGibhithe, kwaphuma amasele agcwala kulo lonke iGibhithe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Aroni wayeselula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Aroni welula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka, asibekela izwe laseGibithe. |
“Ngakho-ke umkhulu, Nkosi Simakade, ngokuba akekho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho kukho konke esikuzwile ngezindlebe zethu.
wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, akekho uNkulunkulu emazulwini nasemhlabeni onjengawe; Wena ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho, ngayo yonke inhliziyo yazo,
Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, akekho onjengawe, Nkosi, akukho okunjengemisebenzi yakho.
Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.
Lokhu uyoze ukuxoxele indodana yakho nabazukulu bakho ukuthi ngaliphatha ngesihluku esinjani iGibhithe, nokuthi zibonakaliso zini engazenza kulo ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.”
“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?
USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Thatha induku yakho uyelulele phezu kwamanzi aseGibhithe, phezu kwemithombo, naphezu kwemifula, phezu kwamaxhaphozi, namachibi, ukuze amanzi aphenduke igazi. Kuyoba negazi kulona lonke iGibhithe, ngisho nasezitsheni zokhuni nezitsha zamatshe.’ ”
Ngokuba kulesi sikhathi ngizothumela zonke izinhlupheko zami enhliziyweni yakho, kweyezinceku zakho, nakweyabantu bakho, ukuze nazi ukuthi akekho onjengami emhlabeni wonke.
UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade.
“Ningofakazi bami,” kusho uSimakade, “nenceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi Mina nginguye. Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho oyokwenziwa ngasemuva kwami.
“Akekho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, ogibela amazulu ukuzokusiza, namafu ngobukhosi bakhe.
“Wena wakuboniswa lokho ukuze wazi ukuthi uSimakade unguNkulunkulu, akekho omunye ngaphandle kwakhe.
Ngabona kuphuma emlonyeni kadrago nasemlonyeni wesilo nasemlonyeni womphrofethi wamanga, omoya abathathu abangcolileyo abafana nezingxangxa;