Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UEksodusi 8:21 - IsiZulu 2020

Ngokuba uma ungabavumeli abantu bami, ngiyothumela izinkumbi zezibawu kuwe, ezincekwini zakho, kubantu bakho, nasezindlini zenu. Ezindlini zabaseGibhithe kuzogcwala izinkumbi zezibawu, ngisho nasezweni abahlala kulo imbala.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke, bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uma kungenjalo, uma ungabadedeli abantu bami, bheka, ngiyakuthuma izibawu kuwe, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibhithe ziyogcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UEksodusi 8:21
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakhuluma, kwavela izibawu nomiyane emingceleni yabo yonke.


Wabathumelela izibawu ezabalumayo, namaselesele ababhubhisayo.


Sizogcwala ezindlini zakho, ezindlini zezinceku zakho, nasezindlini zabo bonke abaseGibhithe, into engakaze ibonwe ngokhokho benu, ngisho nokhokho bokhokho benu, kusukela ngosuku abafika ngalo emhlabeni kuze kube yilolu lusuku lwanamuhla.’ ” Wayesephenduka, waphuma phambi kukaFaro.


USimakade wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kakhulu uye kuFaro ngaphambi kokuba aye emfuleni, uthi kuye: ‘USimakade uthi: vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza.


Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.


USimakade wenza kanjalo, izinkumbi zezibawu zahlasela indlu kaFaro, nezindlu zezinceku zakhe, nalo lonke iGibhithe, kwaba nomonakalo ngenxa yezibawu.


Ngalolo lusuku uSimakade uyohlaba umkhosi ngekhwela kusabele izimpukane ezingasekugcineni kwemifudlana eGibhithe, nezinyosi e-Asiriya.