UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.
UEksodusi 7:7 - IsiZulu 2020 UMose wayeseneminyaka engama-80, u-Aroni eneminyaka engama-83 ngesikhathi beyokhuluma noFaro. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu, mhla bekhuluma kuFaro. Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ubudala, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu lapho bekhuluma kuFaro. |
UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.
Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.
Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.
“Kuthe eseneminyaka engama-40 yobudala, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba akayobona abantu bakubo, abantwana bakwa-Israyeli.
“Kuthe sekwedlule iminyaka engama-40, kwabonakala kuye esehlane elingasentabeni iSinayi, ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni.
Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.
wathi kubo: “Namuhla ngineminyaka eyi-120 angisakwazi kuphuma nakungena; uSimakade uthe kimi: ‘Awuyukuliwela leli Jordani.’
UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi.
“ ‘Ngathumela uMose no-Aroni, ngalihlupha iGibhithe ngalokho engakwenza phakathi kwalo; emveni kwalokho nganikhipha.