futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”
UEksodusi 7:6 - IsiZulu 2020 UMose no-Aroni benza njengalokhu uSimakade ayebayalile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE OMose no-Aroni benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke. Contemporary Zulu Bible 2024 OMose no-Aroni benza-ke njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke. |
futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”
UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.
UMose no-Aroni baya kuFaro benza njengalokhu uSimakade ebayalile; u-Aroni wayiphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro nezikhulu zakhe, yaphenduka inyoka.
Wena uyakukhuluma konke engizokuyala ngakho, kuthi u-Aroni umfowenu akhulume kuFaro ukuba akhulule abantu bakwa-Israyeli, baphume ezweni lakhe.
UMose no-Aroni benza njengoba uSimakade ayebayalile. Wayiphakamisa induku yakhe, washaya amanzi emfuleni phambi kukaFaro nezinceku zakhe, onke amanzi ayesemfuleni iNayili aphenduka igazi,
Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.