UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.
UEksodusi 7:12 - IsiZulu 2020 Ngamunye baphonsa phansi izinduku zabo; zaphenduka izinyoka, kodwa induku ka-Aroni yazigwinya izinduku zabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba yilowo nalowo waphonsa phansi induku yakhe, zaphenduka izinyoka; kepha induku ka-Aroni yagwinya izinduku zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba yilowo nalowo waphonsa induku yakhe, yaba yizinyoka, kepha induku ka-Aroni yadla izinduku zabo. |
UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.
Osomlingo abakwazanga ukuma phambi kukaFaro ngenxa yamathumba, ngoba nabo babehlaselwe ngamathumba nabo bonke abaseGibhithe.
Kepha abayikuqhubekela phambili, ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengalokhu baba kanjalo nobalawo madoda.
Nina bantwanyana ningabakaNkulunkulu, nibahlulile, ngokuba lo okini mkhulu kunalowo osezweni.