UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.
UEksodusi 6:5 - IsiZulu 2020 Ngikuzwile futhi ukububula kwabantu bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibhithe, ngase ngisikhumbula isivumelwano sami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi ngezwa ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli, abaseGibhithe abagqilazayo; ngakhumbula isivumelwano sami. |
UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.
bese ngikhumbula isivumelwano sami phakathi kwami nani nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo. Izikhukhula zingabe zisaphenduka uzamcolo wokucekela phansi konke okuphilayo.
Kuyoze kube phakade esikhumbula isivumelwano sakhe, izwi ayala ngalo izizukulwane ngezizukulwane,
Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.
UNkulunkulu wakuzwa ukububula kwabo, wayesesikhumbula isivumelwano ayesenze no-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.
USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.
Kepha inkosi yaseGibhithe yathi kubo: “Mose no-Aroni, nibasuselani abantu emisebenzini yabo na? Hambani niye emisebenzini yenu.”
kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.