U-Uziya wayenamabutho ayephuma ukuyokulwa izimpi ngamaviyo njengokudidiyelwa kwawo nguJehiyeli, umbhali, uMahaseya, umbusi, benganyelwe nguHananiya, enye yezinduna zenkosi.
UEksodusi 5:6 - IsiZulu 2020 Ngalolo lusuku uFaro wayala izinduna zabantu nabaphathi babo, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalona lolo suku uFaro wayala abaphathi babantu nezinduna zabo, wathi: Contemporary Zulu Bible 2024 UFaro wazilaya izikhulu zabantu nezinceku zabo ngalona lolo suku, wathi: |
U-Uziya wayenamabutho ayephuma ukuyokulwa izimpi ngamaviyo njengokudidiyelwa kwawo nguJehiyeli, umbhali, uMahaseya, umbusi, benganyelwe nguHananiya, enye yezinduna zenkosi.
AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.
USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.
Izinduna nabaphathi babantu baphuma, bathi kubantu: “Nakhu okushiwo nguFaro uthi: ‘Angizukuninika utshani.’
Izinduna zabakwa-Israyeli zazibonela ukuthi zisengxakini engakanani lapho kuthiwa kuzo: “Aniyukulehlisa inani lezitini enilenza ngosuku.”
“Ningabe nisabanika abantu utshani bokwenza izitini, njengoba benenza kuqala; mabahambe bazilandele utshani ngokwabo.
Olungileyo uyayinakekela impilo yesilwane sakhe, kepha isihe sezikhohlakali siwulunya.
USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Ngiqoqele amadoda angama-70 kumalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga nezinduna zabantu. Uwalethe ethendeni lokuhlangana, ayoma lapho kanye nawe.
“Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.
“Uyozikhethela abehluleli nezinduna emizini yakho yonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona ngokwezizwe zakho. Bayokwehlulela abantu ngokwehlulela okulungileyo.
UJoshuwa wayeseqoqa zonke izizwana zakwa-Israyeli eShekhemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, bema phambi kukaNkulunkulu.
U-Isaka ngamnika uJakobe no-Esawu. Ngamnika u-Esawu elezintaba kuze kube seSeyiri ukuba alidle libe yifa lakhe, kodwa uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibhithe.
Bonke abakwa-Israyeli, abaholi, izinduna nabehluleli babo, abafokazi naboselwa, bama ngapha nangapha komphongolo wesivumelwano sikaSimakade phambi kwabaphristi babaLevi ababethwele umphongolo. Enye ingxenye yabantu yayiphambi kwentaba iGerizimu, enye ingxenye iphambi kwentaba i-Ebhali, njengokuba uMose, inceku kaSimakade, ayebayalile ukuze babusise abantu bakwa-Israyeli njengasezikhathini ezedlule.