Babonisana, bathi: “Wozani sibumbe izitini, sizipheke emlilweni ukuze ziqine!” Esikhundleni samatshe babumba izitini, esikhundleni sodaka benza ibhithumeni.
UEksodusi 5:16 - IsiZulu 2020 Izinceku zakho azisanikwa tshani, nokho bathi kithi: ‘Yenzani izitini!’ Futhi kunjalo nje izinceku zakho ziyashaywa, kepha icala likubantu bakho.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izinceku zakho aziphiwanga tshani; nokho bathi kithi: ‘Bumbani izitini.’ Futhi bheka, izinceku zakho ziyashaywa, kepha icala likubantu bakho.” Contemporary Zulu Bible 2024 Izinceku zakho azinikwanga tshani, kepha bathi kithi: ‘Yenzani izitina, nibone, izinceku zakho ziyashaywa; kodwa icala likubantu bakho. |
Babonisana, bathi: “Wozani sibumbe izitini, sizipheke emlilweni ukuze ziqine!” Esikhundleni samatshe babumba izitini, esikhundleni sodaka benza ibhithumeni.
Yakhuluma kubo njengokwelulekwa yizinsizwa, yathi: “Ubaba wayenethwese ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngizonishaya ngofezela.”
Izinduna zabakwa-Israyeli zaya kuFaro, zakhala zathi: “Uziphathelani izinceku zakho kanje na?
Wathi: “Niyavilapha, yingakho nithi: ‘Sidedele sihambe siyokwenzela uSimakade umhlatshelo.’
Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.
Ekuzalweni kwakho, ngosuku owazalwa ngalo, inkaba yakho ayinqunywanga, awugezwanga ngamanzi ukuba uhlambuluke, awuhlikihlwanga ngosawoti, awusongwanga nakusongwa.