Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UEksodusi 4:8 - IsiZulu 2020

“Uma bengakukholwa, noma bengasishayi mkhuba isibonakaliso sakho sokuqala, bayosikholwa esilandelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Kuyakuthi uma bengayikukholwa nguwe, bengalaleli izwi lesibonakaliso sokuqala, bayakukholwa yizwi lesibonakaliso sasemuva.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Futhi kuyokwenzeka ukuthi uma bengakukholwa, noma bengalaleli izwi lesibonakaliso sokuqala, bayokholwa yizwi lesibonakaliso sokugcina.

Uka jalj uñjjattʼäta



UEksodusi 4:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukuba ngimphilise ochokweni lwakhe na? Ake niqonde, nibone ukuthi ufuna ithuba lokulwa nami.”


Ngokuba uyalimaza, abuye abophe, uyashaya, kodwa izandla zakhe zibuye ziphilise.


UMose wayesetshela u-Aroni wonke amazwi kaSimakade ayemthume wona, nazo zonke izibonakaliso ayemyale ukuba azenze.


UNkulunkulu wathi kuye: “Siphindisele esifubeni isandla sakho.” Wasiphindisela esifubeni sakhe. Kuthe lapho esesikhipha, habe, sesibuyele esimweni saso, sesifana nesikhumba sakhe.


Uma bengazikholwa zombili izibonakaliso noma bengakulaleli okushoyo, uyokukha amanzi eNayili, uwathele emhlabathini owomileyo, lawo manzi owakhe emfuleni ayophenduka igazi emhlabathini owomileyo.”


Ngokuba kuyisiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, ingcosana lapha, ingcosana laphaya.”


Nakuba ayezenzile izibonakaliso eziningi, bezibonela ngawabo, kodwa abakholwanga kuye,


“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.


Wayesethi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ngikhombise isibonakaliso sokuthi nguwena okhuluma nami.